Ukudobela ukuzothengisa wokuthi abantu bahambe bayodoba izinhlanzi emanzini angewona ase South Africa beqonde ukuzothengisa. Ukuze ungenise izinhlanzi ezivela kwamanye amazwe uzingenisela ukuzothengisa, kumele ufake isicelo sephomedi yokwenze njalo ekhishwa yigatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esikhethiwe. Akekho umuntu ovunyelwe ukuthi angenise izinhlanzi zakwamanye amazwe ngaphandle kwephomedi yokwenze njalo. Faka isicelo esisha sephomedi uma lena onayo isiphelelwe yisikhathi. Uma uhluleke ukuthobela lesimiso sephomedi, ingamiswa iphomedi yakho noma ihoxiswe.
Kuvumeleke Inkalankala ephelele esemakhazeni enesisindo asingu 600g ngasikhathi sinye noma umthwalo ungedluli kumathani angu 25 ngomnyaka.
Abantu abakavunyelwa ukungenisa inkalankala ephilayo.
Fundisisa ifomu uqinisekise ukuthi uphetha zonke izimfanelo zesimiso zesicelo.
ikheli labakuthengiselayo ezweni lapho izinhlanzi ziphuma khona igama elejwayelekile nelesayensi lenhlanzi nenani lezinhlanzi ozozingenisa.
ikhophi enesitembu samaphoyisa yomazisi wakho nenombholo yokubhalisa yenkampani yakho ikhophi enesitembu samaphoyisa yephomedi yokungenisa impahla evela kwigatsha lezohwebo kanye nezimboni noma isaziso sephomedi.
Gcwalisa, usayine uposele ifomu lakho namaphepha adingekayo kwabaphethe ezamanzi nesifunda sasogwini.
thumela amaphepha okuqala ngaphandle kwaloko iphomedi ingeke ikhishwe.
Imali yokufaka isicelo ingu R225.
Isicelo sakho sizosetshenzwa izinsuku ezingu 7 noma ngaphezudlwana uma amaphepha onke aphelele.
Imali yokufaka isicelo ingu R225. Izindleko zingakhushulwa njalo ngomnyaka noma ngokusho kuka ngqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esikhethiwe besebenzisana nongqongqoshe wezezimali.
